[TH]Entry[/TH]
[TH]Speaker [/TH]
[TH]Zulu [/TH]
[TH]English [/TH]
| 1 | II | Iminyombo. Awu, kuhle lokho. | Mythological origins. That's fine. |
| 2 | I | Ehe, ukuthi uyabona uma ukhuluma ngokuthi nansi inkondlo, kufanele ukuba sazi ukuthi inkondlo le... | Yes, so that if you have to analyze a poem then you must be able to say where it... |
| 3 | II | Yaqhamukaphi... | Originates from... |
| 4 | I | Iqondeni kubantu. Iqhamukaphi ___ isho ukuthini. | What it symbolizes to the people. How it originates. What it says to the people. |
| 5 | II | Mm... | Yes... |
| 6 | I | Yenzani. Izinto ezinjengalezo... | What it means. Such issues... |
| 7 | II | Mm. | Yes. |
| 8 | I | So-ke, siyobana ukuthi kuhamba kanjani. | So, the, we'll see how it goes. |
| 9 | II | Ehe, kufanele ngizithathe izifundo zakho. | Yes, I have to take your classes. |
| 10 | I | No, zithathe izifundo zami. Zithathe. But nami ngizama ukuthi ngithi shelele ngase-Kmt. | No, you have to take my classes. But I too, would like to take some time off and go to Kmt. |
| 11 | II | Pho, manje uma uthi shelele, kanti ngiyofundiswa ubani? | But then, if you do who'll teach me? |
| 12 | I | Impela, azazi | Honestly, I don't know. |
| 13 | II | [giggling] Wangibhuqa manje... | [giggling] How sarcastic of you! |
| 14 | I | Ngifunga abeKunene. | Honestly, I swear by the Kunenes. |
| 15 | II | Wangibhuqa phela manje! | God, how sarcastic can you be! |
| 16 | I | Impela ngizothini [faint] ngoba ngikhuluma lona iqiniso. Ngithi angazi kahle ukuthi uma ngingahlala, ngabe ngihlalele ukuthini. Uma ngithola lolo, usizo lolo... | What else can I say [faint] because I'm telling you the truth. I just don't know very well what I would be staying here for. If I get that help (grant) that help... |
| 17 | II | Mm, usizo lolo... | Yes, that help... |
| 18 | I | Ngiyohamba ngiyibangise ngase-Kmt. | I'll go to Kmt. |
| 19 | II | Nyakenye... | Next year... |
| 20 | I | ...ngoba sengikhumbule. | ...because I'm homesick. |
| 21 | II | Nkosi ymai. | I can appreciate that. |
| 22 | I | Ya. | Yes. |
| 23 | II | Kuyezwakala. | It's understandable. |
| 24 | I | Izinyawo zami seziyesinda. Sengiyezwa ukuthi ngihamba emathuneni. | [untranslatable] My feet are heavy. I can feel that I'm treading on the graves of the dead (The overall meaning is that things are not going so well for me). |
| 25 | II | Kuyezwakala. Mm, Nkosi yami. | It's understandable. What a shame. |
| 26 | I | So-ke manje [false start]. Kodwa uyabona ngalonyaka ozayo, ngolokhuzana... | So now, [false start] But then, you see next year... |
| 27 | II | Mm... | Yes... |
| 28 | I | Entwasahlobo ngiyobuya... | In the fall, I'll come back... |
| 29 | II | Uyobuya. Ingani mina ngiyobe ngihamba-ke nje. Ngiyobe sengiyo... | You'll come back. But then I'll be leaving then. I'll be going to.. |
| 30 | I | Uhamba uyaphi? Phela, wena ngeke united snakeshamba lana. | Where do you think you are going? You are going nowhere. |
| 31 | II | Hayi-bo, usho ukuthini? [gigling] | Hang on, what do you mean? [giggling] |
| 32 | I | Ukuthi ngiyokubophela khona. | That I'll inspan you here (at UCLA). |
| 33 | II | Lutho. | No way! |
| 34 | I | Ehe. | Yes. |
| 35 | II | Lutho. Angithi izifundo zami zonke nje, hawu, ngiyazisonga. Ngiyazisonga ngoJuni nyakenye. | No way. After all I'm graduating. I'm graduating in June next year. |
| 36 | I | Siyobuye sikhulume-ke. Isiyaqhamuka-ke lendoda. Ngiyayibona izungeza la. | We'll discuss that later. This man is appearing (Eric). I can see him roving around. |
| 37 | II | Kusho ukuthi isikhathi sesiphelile. | It means our time is up. |
| 38 | I | Ngiyabona. Sekufanele ukuba ngikhiphe ngaso isilungu leso... | I think so. Now I have to accounce in English... |
| 39 | II | Hawu, sixoxe kahle kodwa. | I think it was a pleasant conversation. |
| 40 | I | Ehe, bese ngiyaxolisa-ke. | Yes. But I have to apologize now. |
| 41 | II | Ehe. | Yes. |
| 42 | I | [announcing] Sesiyayikhwebula-ke mabandla kaMjokwane kaNdaba. | This is the end (of the conversation) you children of Mabandla and Mjokwane son of Ndaba (i.e. you children of the Zulu nation). |